>> HOMEPAGE

UDkt Matthias Rath (MD) ngusosayensi nodokotela odume umhlaba wonke owahola umkhankaso wososayensi okuyiwo owaba yingqayizivele ekuvinjelweni kwesifo senhliziyo nomdlavuza kusetshenziswa izindlela zemvelo. Uyilungu le-American Heart Association, le-New York Academy of Sciences kanye nelezinye izinhlangano zesayensi.

UDkt Pauling ongasekho owazuza iNobel Prize in Chemistry and Peace wakubeka ukuthi izinto ezivumbululwa nguDkt Rath zibaluleke kangangokuthi zibeka engcupheni impilo yezimboni ezitshala izimali ngokugodla amalungelo emithi ethize (patented drugs). UDkt Rath waziwa umhlaba wonke ngesibindi anaso sokumela iqiniso aqagisane nezimfuno zezimboni ezikhiqiza imithi yokwelapha. I-Dr Rath Foundation ihamba phambili ekucwaningeni nasekufundiseni izindlela ezisebenzisa imvelo kwezempilo.

Embhalweni wokwamukela iWorld Summit eGoli ngo-Agasti ka-2002 uDkt Rath wanikeza isithombe ngomzamo kazwelonke wezempilo iHealth for All by the Year2020’’. Lolu hlelo lwaluchaza ukuthi izifo eziningi ezikhona namuhla zinganciphiswa ngokusebenzisa amavithamini kanye nezinye izakhamizimba eziyimithi (micronutrients).

Kulo mhlangano ongqongqoshe bezempilo bamazwe ase-Afrika engezansi kwenkabazwe kuhlangene nayo iNingizimju Afrika, i-Angola, iLesotho iMalawi, iMozambique, iSwazini, iZambia, neZimbabwe ahlangana. La mazwe abe esememezela ukuthi kukhuthazwe izinhlelo zokudla okunomsoco ezizosiza imiphakathi, ase enxusa nawohulumeni ukuthi amazwe asezifundeni ezindawonye asheshise usizo ekunciphisweni kwezifo ezibangwa yindlala ngokuthi ukudla kufakelwe imisoco edingwa umzimba.

Ohulumeni abaningi balandela baqalisa izinqubo zempilo ezisebenzisa imvelo ukwenza ngcono impilo yabantu babo. Phakathi kwabo kwaba khona iJordan, i-United Arab Emirates, i-China namamye. Khona lapho iUN Food and Agricultural Organisation (FAO) yeza nomkhankaso kazwelonke othi, ``Ukudla yiwona muthi wokuqala wesandulelangculazi nengculazi (``Food is the first medicine for HIV/Aids) I-Unicef eyinhlangano ebhekela imfundo yezingane engaphansi kweNhlangano yeZizwe yalandela yase iphetha embikweni wayo esanda kwuwenza ngokuthi.``Ukulwa nokusweleka kwamavithamini namaminerali kuyinto ejahekile ekwenzeni ngcono izimpilo zezigidigidi ezimbili zabantu, kusize nasekukhuliseni umnotho.

Ngenhlabamkhosi ayenza yeWorld Health Alphabetization (WHA) uDkt Rath usayiqhuba imvulamehlo yakhe uthi akuphuculwe ezempilo zibe sezingeni eliphezulu umhlaba wonke Wakhetha ukuthi lolu hlelo lwakhe oluyimvulamehlo lushicilelwe eNingizimu Afrika ngoba uhulumeni waseNingizimu Afrika waziwa umhlaba wonke njengomholi empini yesintu silwela ukuziikhulula emaketangweni abahwebi bezemithi okuhweba ngezifo, nangokuthi yenze ezempilo zibe yilungelo lesintu.

`Ayikho inkululeko, akunambuso weningi ngaphandle kolwazi ngezempilo

Uhlelo lokwakha isizwe esinempilo

World Health Alphabetization (WHA):

  1. Izifo - Okubalulekile: Abantu abanga phezulu kuka 90% emazweni asathuthukayo base ngozini yokufa, ngenxa yokusweleka kokudla okuthuthukisa izitho zomzimba: phecelezi ukuswelakala kwezakha mzimba . Loku kubangelwa ubumpofu, nokungabi nolwazi olwenele ngezempilo kanti ke kulula ukukunqoba lokhu, ngokusabalaliswa kolwazi ngezempilo egculisekayo emahlabeni wonke. Kanti futhi lo mkhankaso ngolwazi emuhlabeni wonke, uyisicekelo sokuvikela nokuncishishwa kwezifo ezikhungethe abantu kumanje.
  2. Ukungafundi- Okubalulekile Yizi gidi ngezigidi zabantu ezingafundile emuhlabeni wonke jikelele. Lokhu kwenza abantu bangakwazi ukuthola ulwazi ngezindlela zempilo egculisayo. Ukwazi ukufunda nokubhala kungenza kubelula ukuthola ulwazi ngesimo sezempilo. Futhi kunganikeza izingane zabo kanye nezizukulwana zabo ulwazi olunzulu.
  3. Nqoba ukwesaba: Okubalulekile Ngenxa yokuthi abantu abaningi abafundile futhi babhuqwa yizifo ezilaphekayo, akusiyona into emangalisayo lena. Iqiniso ukuthi ulwazi mayelana nalezifo nesimo sempilo lufihlwe ngamabomu, kubantu abaningi. Labo abazuzayo ngokufihla ulwazi benze ngamabomu ukuthi abantu bangafundiswa. Lokhu kwenza abantu bangazi ngamalungelo aphathelene nezinqondo kanye nemizimba yobo.
  4. Izinhloso ze World Health Alphabetiztion Ukuqedwa ukungazi ngamalungelo aphathelene nezempilo nokuhlukunyezwa kwabo. Futhi nokulwa nokungafundi kwezinkulungwane zabantu umhlaba wonke. Lokhu kungaba yisicekelo sokuqedwa kwezifo ezikhungethe umhlaba kumanje. Lomkhankaso ngeke uze unikezele kuze kube yisikhathi lapho izifiso zawo ziyafezeka.
  5. Uthisha we WHA Umkhankaso we WHA ubhekiswe kubantu bonke, izizwe zonke, abazenkolo, yintsha, abadala, abashumayeli kanye nochwepheshe ukuze bazi ngolwazi olufanele nangokubaluleka kwezakhamzimba. Kufanele singcine nezinga elikahle lezempilo. Futhi kufuneka bakwazi ukufundisa ngalo mkhankaso we WHA emphakathi. I WHA ibambe iqhaza emhlabeni jikelele, ekusizeni abantu kanye nohulumeni.
  6. Isikole se WHA Amagumbi okufundela e WHA awapheleli esikoleni kuphela kanye nase mahovisi odokotela. Ukubaluleka ngobunzulu bolwazi lwezempilo nokucacisa kungafafazelwa kuwonke amagumbi, emalibrary, emabhasini, emasontweni,emihlanganweni yabasebenzi, ezingxoxweni ephalamende, emagumbini ezinkampani noma iyiphi indawo lapho abantu behlanganela khona.
  7. Incwadi yesikole ye WHA Noma yiyiphi incwadi ecacisa ngokubaluleka kwama vitamins kanye nezakhamzimba emzimbeni. Noma iyiphi incwadi echaza ngolwazi nokubaluleka kwezakhamzimba ekwenzeni isimo esikahle sempilo nokuvimbela izifo, kungasiza njengnto yokufundisa.
  8. Isaziso esisemqoka nge WHA Lona umkhankaso womhlaba wonke ngokufundisa abantu ngamalungelo ezempilo aphathelene nempilo yomuntu wonke. Impilo kanye nezifo zenziwa yizinkulungwane zezakhamzimba yethu kanye nezinga lama vitamins futhi nezinye izidingo zomzimba. Izifo zibangwa ukungasebenzi kahle kwama kwamasotsha omzimba futhi kwiyi mbangela yezifo eziningi kumanje.
  9. Ubuchwepheshe be WHA Ubuchwepheshe mayelana nokubaluleka kwama vitamins, minerals kanye nezinongo zomzimba ekugcineni umsoco, kwasungulwa cishe eminyakeni eyinkulungwane eyedlule, futhi kungafundwa ngakho kunomayiziphi izincwadi ze biology, biochemistry nakwi cell physiology: Kodwa incwadi yesayensi kayikugcizeleli ukubaluleka ngolwazi lwezempilo. Futhi kosobala ukuthi ukubaluleka ngalolulwazi abushicilelwanga ezincwadini zezifundo zamakhambi.
  10. Zimbili izakhamuzimba Izinjongo zomkhankaso wesayensi ye WHA, zizoshitsha umlando phakathi kwazozonke izinto. Umzimba kudingeka ukuthi ube sesimeni esikahle sempilo. Kubili vo okusemqoka okukweedlula konke: yi vitamin C kanye ne natural Amino Acid ilysinc. Yilezi zombili ezingakhiqizwa izitho zomzimba, yize zinikeza umfutho wokukhiqizwa kwe collagen molecules, bese kuqinisa ukuhleleka kwezitho zomzimba nokuqina kwazo.
  11. IWHA iqeda ukufihlwa kweqiniso okuyiminyaka eyinkulungwane Ukubaluleka kokusebenza kwamasotsha omzimba, ivitamin C, iLysine kanye nezinye izinotho zomzimba zokuqinisa impilo yomuntu kwatholakala eminyakeni eyinkulungwane eyadlula. Ukutholakala kwalezinto eziwuketshezi lwemvelo kwabonakala engathi kuzokhinyabeza umnotho wosomabhizinisi abakhiqisa imithi yezempilo. Ukuhlomula kwamabhizinisi ekudayiseni imithi yokwelapha kusengzini. Into eyicala eliyihlazo ukufihla ulwazi lokuphephisa izimpilo zabantu abayizigidi ngezigidi, ngokubaluleka kanye nangesidingo sokusetshenziswa kwe Vitamin C kanye nelysine. Ukufihlwa kolwazi lwezempilo, kubangela ukugula kwezitho zomzimba kubantu abaningi. Kuze kwadala ukudlondlobala kwezifo ezingi kuleminyaka eyinkulungwane ngenxa yokufihlwa kolwazi ngokubaluleka kwezempilo. Lokhu kwenziwa ngamabomu ngabantu abahlose ukuzuza imali ngokusabalala kwezifo. Futhi lokhu kwaphembhelela nezinye izifo, neningi labantu lazithola lise nkingeni yokuba kwindali yokuhlomula ngokwenzeka kwezifo. IWHA ifuna ukuqeda ukungazi ngezempilo emhlabeni wonke, lokhu ukungazi sekubangele ukushona kwezinkulungwane zabantu
  12. Iqhaza elibanjwe yi WHA ngezinkampani zemithi Kusobala ukuthi ukungazi ngamalungelo ezempilo kugcwele umhlaba wonke. Lokhu kwenziwa ngesibomu futhi kuhlelwe ngabantu abahlomula ngokwenza imithi yokulapha lezizifo. Ngoba befuna ukuzuza imali ngokwenza imithi yokulapha lezifo.Lokhu bakwenza ngokufihla ulwazi ngendlela yokwelapha yemvelo. Lokhu kugodlwa kwalolulwazi, kuyisisekelo sokukhulisa umnotho wezimboni zemithi yokwelapha ngokwenza enkulu inzuzo. Ngakho ke iWHA iyayigxeka imizamo yokutshala imali kuleli bhizinisi. Futhi kulindeleke ukuthi baphikisane nalendlela ehlongozwayo.
  13. I WHA iveza ubungozi kulento Isichazi magama sithi “ubuphekula” ukuhlukunyezwa yiqembu elincane, elizama ukufeza izinjongo zalo kwabanye abantu, ngaphandle kokucabangela izimpilo zabantu. Izinhloso zosomabhizisi bezemithi yokwelapha zifana nse nobuphekhula. Ukushona kwabantu abaningi ngokweswela imithi kuyimiphumela yobuphekula yosomabhinisi bezemithi, futhi lokhu kubonakala yonke indawo. Kungakho iVatican igxeka abamabhizinisi ngokubhubhisa izimpilo zabantu, ikakhulukazi izwekazi lase Africa
  14. Isidingo IWHA ikhipha umlayezo wokuthi ”yakha impilo- hhayi impi” Ibhizinisi lokutshala imali ekwenzeni imithi lifaniswa nobugebengu obuhleliwe bokuthembisa ngempilo engcono, kodwa libe lizuza ngokuqhubeka kwezifo ngokuthengisa amakhambi umhlaba wonke. Inkinga ukuthi ukuwa kwaleli bhizinisi kungalahlekisa izinkulungwane ngezinkulungwane zemali. Ngakho ke ukuze bakwazi ukukhuselana, imboni yemithi kanye nozakwabo kupolitiki sebehlele umkhankaso wokulwa nobuphekula umhlaba wonke. Impi yezwe lase Iraq yenzelwe ukusikhohlisa nje, kwakuyinhloso yabeze polotiki nongqoshishilizi bezimboni zemithi emhlabeni bamazwe ase Melika kanye ne Ngilandi. Ukuveza lokukukhohlakala nokukhombisa umkhonyovu phakathi kwempilo kanye nokuthula, kwenye inxenye impi kanye nezifo. Kanjalo nkubalulekile ukubamba iqhaza lomkhankaso we WHA
  15. IWHA ibonisa ukwehluleka kwe WHO Inhlangano yezizwe kwezempilo iyinxenye yenhlangano yezizwe eyabunjwa ekhulwini lemenyaka ukuze igqguquzele ngolwazi lezempilo umhlaba wonke. Kodwake yehlulekile ukufeza izinjongo zayo seyangenwa izinhloso zokuzuza ngokwenziwa kwemithi, Kantike uhlelo lokufundisa ngokudla okuphilisayo selaphela. Selathathwa umkhakaso wokuzuza ngokwenziwa kwemithi.
    Iqembu le WHO, selashinthswa labizwa ngokuthi yi “Codex Alimentarius commission” Lena imizamo eqhutshwa imboni yezemithi yokuqeda izindlela zemvelo zokwelapha emuhlabeni wonke, ngoba befuna ukuba omakhonya ebhizinisini lokwenziwa kwezemithi. Ngakhoke, kunesidingo emhlabeni wonke sokuba nehlangano ezimele yodwana nakwi WHO, ukuze abantu bonke kanye nohulumeni bahlangane bathuthukise izimpilo zabantu.
  16. IWHA imele impilo nezomnotho kumazwe asathuthukayo. Kusukela emazweni athuthukile, izimboni zemithi zinesihluku kuzo zonke izizwe kanye nakubantu. Ukutholakala kwezindlela ezilula zokwelapha ngemithi yemvelo, ngeke kusabakhona isidingo samazwe ukuba avumele ukuphathwa izimboni ezenza inzuzo ngezimpilo zabo. Izizwe ezisakhulayo zingazama ukusebenzisa lowo mnotho ezinawo ukwenza imigomo yezempilo, ngokusebenzisa izindlela zemvelo ukusindisa izigidigidi zabantu. Ngalendlela imali ingatholakala yokuphucula izimpilo zabantu. Abantu kanye nohulumeni bamazwe bangazuza uma kungaqedwa ukutshalwa kwezimali embonini yezemithi yokwelapha izifo.
  17. Ukubaluleka komlando we Africa Phakathi kweminya eyikhulu, amazwe ase Afrika akhululeka kwincindezelo kanye nobandlululo. Ukunqoba kwalabo abekade becindezelwe kubeka umsebenzi obalulekile kumazwe ase Afrika ukuba abambe iqhaza lokukhulula izimpilo zabo ekucindezelweni yizimboni ezenza imithi yokulapha.
  18. Ithuba le Afrika eminyakeni engu 500 abantu base Europe bebephambili ngokuthuthuka kolwazi yize babengavunyelwe ngabaphathi babo. Ukutholakala kwemishini yokuciciyela nokusabaliswa kolwazi ngezindlela zezincwadi kwaba yisikhathi sokukhululeka ekuvinjweni kolwazi. Ukubhebhetheka kolwazi kwasiza abase Europe ukuthi bakwazi ukudidiyela ulwazi nobuhlakani babo, kwaze kwanonophalisa nomnotho kwabenza baba namandla amakhulu umhlaba wonke.
    Manje selenzekile ithuba elifana nalelo kuwowonke umuntu, ukuqedwa kokungazi ngezempilo : Ngokubamba iqhaza kwi WHA amazwe ase Afrika angazikhulula ezinkingeni zezimali abhekene nazo, futhi kuthuthuke nomnotho wawo bese kuvaleka igebe phakathi kwawo nalawo athuthukile.
  19. Abantu abaningi basacindezelwe ukungazi ngezimpilo zabo kanye nemizimba yabo. Ngicela wonke umuntu abambe iqhaza abeyilunga lomkhankaso we World Health Alphabetization.
  20. Abantu abaningi bayaqhubeka bashabalaliswa yizifo eziphembelwa ukungazi ngamalungelo abo ezempilo- Isikhathi sokwenza loku simanje


Udkt Matthias Rath

Dr. Rath Health foundation iyinkampani ezimele ezinikezele ekubhekaneni nezemfundo kanye nezempilo yemvelo. Ukuze uthole eminye imininingwane, vakashela ewww.dr-rath-foundation.org.za eyilibhrari edumile yezempilo zemvelo.

Sitemap

Dr Matthias Rath is the physician and scientist who led the breakthrough discoveries in the natural control of cancer, cardiovascular disease and other chronic health conditions.
>> More...

A complete overview of Dr. Rath's campaign including full background information on all the issues.
>> More...

Up to date news and comment about worldwide developments

>> Natural Health Alternatives
>> Business with Disease
>> U.N.-Related Issues
>> Other News
>> African Union News


Click here for more information about the Foundation.

Click here to send us an email.

 Printer-friendly page

Send page to a friend Send page to a friend

Bookmark this page Bookmark this page
RSS

 © 2010 Dr. Rath Health Foundation Send page to a friend contact Printer-friendly page Help Previous document Top of the page Function not available in this page Back to Homepage