>> HOMEPAGE

Inhlangano YeZizwe Izimbele Igodi

U -Matthias Rath (M.D.) ngusosayensi odume umhlaba wonke okwathi ngempi yase-Iraq wasebenza njengonembeza womhlaba. Encwadini yakhe eyayibhekiswe kuwonkewonke eyaphuma kwi-New York Times ka-25 ku-Ephreli 2004 uDkt Rath wenza isiphakamiso sokuthi akhishwe esikhundleni uMongameli Bush. Ezinsukwini ezimbili emuva kwencwadi yakhe kwavela izithombe zokuhlukumezwa kwabantu kwehla nokwethenjwa kombuso, okungethembisi ukuthi kuyophinde kulungiseke. Kule ncwadi ebhalelwe uwonkewonke, u-Dkt Rath umbethela okokugcina uGeorge Bush maqede akhombe indlela ngokuthi isimo esikuso manje sivula ithuba emlandweni womhlaba ukuthi kuthathwe isinyathelo ngekusasa lesintu.

Umphathi waseMelika uPaul Bremer waphuma ngesamagundane ebusuku e-Iraq ziyi-28 kuJuni. Njengamanje uGeorge Bush nombuso wakhe bazama ukwenza isikhangiso kubantu bomhlaba wonke ukuthi ukuhlasela nokunqoba kwabo i-Iraq kwabe kungumzamo oncomekayo wokwandisa ukuphepha emhlabeni. Nokho-ke umuntu wonke uyazi ukuthi alikho iqiniso kulokho.

Izigidigidi eziyisithupha zabantu emhlabeni jikelele sezivule amehlo zalibona iqiniso elishaqisayo lokuthi iNhlangano yeZizwe eselokhu yaziwa njengomgcini wokuthula nokuphepha emhlabeni wonke, isiphenduke ize leze. Sekungokwesibili lokhu emlandweni wesintu ukuthi inhlangano yomhlaba jikele eyasungulwa ngenhloso yokugcina ukuthula nokuphepha emhlabeni wonke ihlakazeke. Emuva komshophi wokuhlakazeka kwe-League of Nations okwenzeka eminyakeni engama-70 eyedlule, iNhlangano yeZizwe yona kuthe ngoJuni ka-2004 yazmbela yona igodi.

NgoMashi 2003 uGeorge Bush wahola impi eyahlasela e-Iraq ephambana nesinqumo seNhlangano yeZizwe futhi ephula umthetho obusa umhlabuhlangene. Ngokwenza kwayo isinqumo ngoJuni 8 sokugunyaza impi eyayiholwa yiMelika ukuzovimbezela e-Iraq, uMkhandlu wokuPhepha weNhlangano yeZizwe (United Nations Security Council) kwabe usuchaza ukuyivuma impi yase-Iraq. Ngalesi sinqumo i-UN Security Council yazibhubhisela yona izimiso zomthetho obusa umhlabuhlangene ezikuSomqulu, i-UN Charter, ngaleyo ndlela-ke kwabe ibhubhisa kwasisekelo seNhlangano yeZizwe.

UGeorge Bush uzenzele umlando ongeke uphele wokuba ngusombangazwe owaba neqhaza elikhulu ekubulaweni kwe-United Nations. Lokhu akusona isenzo nje esathuka senzeka, kepha wakuhlela kahle lokhu waqeda. Icebo lakhe liyavezwa emaphepheni angaphambilini ohlelo lwakhe, elinye lawa okuyi``Project for a New American Century’’ ebhalwe ngu-Wolfwowitz, u-Cheney, u-Rumsfeld nezinye iziphathimandla embusweni kaBush. Okwenzeka ngoJuni ka-2004 ke khona kwase kungukufezeka kwezinhloso zabo.

Kuchaza ukuthini lokhu?

Noma yiliphi izwe lapha emhlabeni ikakhulukazi lawo mazwe asathuthuka, asezoba yinto yokudlala amanye amazwe ayizikhondlakhondla eziqhutshwa yizinhloso zokuzinothisa.

Ukuphela kwezimiso zomthetho obusa amazwe omhlaba kusho ukuthi ihawu okuyilo ebelivikela izindimbane zamazwe selephukile. Lokho kuchaza ukuthi kusukela manje noma yiliphi izwe ikakhulukazi lawo asathuthuka nangazinzile kahle angaphezu kwe-150 angesatshiswa, ahlaselwe anqotshwe yinoma yiliphi izwe elinamandla kwezomnotho lizibekele noma yiziphi nje izaba.

Izigidigidi eziyisithupha zabantu seziphila emhlabeni ongavikelekile ezibhicongweni, ezimpini kanye nasebugimbeni kwezomnotho

Izwe noma yiliphi manje selingahlaselwa nabantu balo baphoqwe ukuthi baphile ezimweni ezingesiyo intando yabo. Umhlaba awusaphethwe ngamazwe ayiziqhwaga eziqhuba ubukoloniyali. Lobu buqhwaga bamakoloniyali sebusezandleni ezintsha zeziqhwaga kwezomnotho namabhizinisi kanye nobugimba bezinkampani ezinkulu ezihambe zitshala izimali kanye nalabo ababambe nqqo iqhaza kwezombusazwe. Kuzo zombili lezi zinhlangothi ukuhlukumezeka kwabantu emhlabeni kuyafana.

Isintu manje singazikhethela

Thina njengabantu bomhlaba kumele senze isinqumo manje: Ngabe sifuna ukuthi la makhuluminyaka e-21 abe yiminyaka yokudlwengulwa kwamagugu nomnotho womhaba nokucindezelwa kwezimpilo zabantu ngenxa yezinjongo zogimbelakwesakhe babahwebi? Noma Sikhetha ukulandela omunye umgudu?

Ithuba emlandweni

Lokhu kuzibulala kweNhangano yeZizwe kwezombusazwe kwaba yisinyathelo sokugcina ekushabalaleni kweqhaza ebelibanjwe yile nhlangano njengesisebenzi sabantu bamazwe omhlaba

Amazwe angamalungu angagudluki (permanent members) esiGungu sokuPhepha seNhlangano yeZizwe, i-UN Security Council, ikakhulu iMelika ne-UK, kudala aqala ukugangela eNhlanganweni yeZizwe ayisebenzise sengathi iwuphiko lwawo lwezempi ukuze afeze izinhloso zawo ekuhwebeni umhlaba wonke. Lezi zinhloso zobuhwebi zasetshenziswa futhi ngohlelo lokusebenzisa izinhlangano ezingamaphiko eNhlangano yeZizwe i-World Health Organisation ne-World Trade Organisation ukuze kuzimeleliswe izakhiwo zobukoloniyali ekuhwebeni.

Okuyiwona mcekelaphansi wangempela kube ngumthelela olethwe yimbonikazi etshala izimali, ekhiqiza imithi ipharmaceutical industry.

Ekuthembiseni kwabo ukulethela umhlaba ukuphila, uthola ukuthi isisekelo senzuzo yabo sisekutheni izifo ziqhubekele phambili, okuyiyona ndlela bethola ngayo abathengi bemithi yabo emhlabeni wonke.

Ngokuxhaphaza kwabo i-WTO kwaze kwavunywa inqubo engenabuhlakani yokukhokhelwa kwamalungelo emithi(patentfees) ngisho nasemazweni adla imbuya ngothi. Kanti futhi-ke ngokusebenzisa budlaka i-WHO, izinkampani zemithi zizama ukuthiizindlela ezinye eziwusizo zokwelapha zemvelo zenziwe zingabisemthethweni besekucashwa nge-UN’s Codex Alimentarius. Ngenxa yokuthi iNhlangano yeZizwe ikhohlise izakhamuzi zomhlaba wonke yangethembeka egunyeni ezalinika yona, sekufe amakhulu ezigidi zabantu emhlabeni wonke.

Isintu manje sinethuba elibalulekile emlandweni lokusungula umbuso wabantu bomhlaba ozobuswa yibo. Leyo yi-Alliance of Nations. Izinkolelo eziyisisekelo sayo zibhalwe lapha ngezansi. Manje-ke kusezandleni zabantu bomhlaba wonke ukuthi lokhu kugcwaliseke.

Makusungulwe i-Alliance of Nations ngabantu bonke bomhlaba

Isingeniso

1. Umbuso ongapheli wabantu bomhlaba bezibusa ngokwabo. I-Alliance of Nations iyinhlangano yamazwe ngamazwe evulekile kuwo wonke amazwe omhlaba ukuthi angangena kuyo. Ikakhulukazi amazwe asathuthuka nalawo asesengcupheni kwezomnotho kanye namazwe amancane anezimboni anesidingo esikhulu sokuthi kube nenhlangano yamazwe ngamazwe ezokwazi ukuvikela isithunzi sawo njengamazwe, kanye nezidingo eziyisisekelo ezigidigidini zabantu. . Kusemqoka kakhulu kwi-Alliance of Nations ukuthi abantu kanye nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni (NGOs) zibambe iqhaza.

2. Isidingo sokuvala isikhala seUnited Nations. I -Alliance of Nations izothatha isikhundla seUnited Nations njengombuso womhlaba wonke ngenxa yokuthi ngesigameko sempi yase-Iraq i-United Nations ilahle uSomqulu wayo, iCharter, yephula nomthetho wayo obusa amazwe ngamazwe kwathi ngenxa yalokho yazimbula isisekelo eyakhelwe phezu kwaso. Lesi kwaba yisinyathelo sokulandula impela. Emashuminiminyaka eyedlule i-UN ibisivele iphuphisiwe,yenziwa ingalo yezempi ngamazwe anothile ukuphoqelela intando yawo kulawo mazwe anganothile kanye nabantu bomhlaba.

3. Isidingo esiphuthumayo sokuvikela amazwe omhlaba. Esona sizathu esabanga kuqanjwe iUN kanye noSomqulu wayo iCharter, kwakungukupheliswa kwezimpi zobuqhwaga ukuze kuvinjwe ukubheduka kwenye impi yomhlaba nokuvikela amazwe amancane angaphezulu kwe-150 omhlaba ekuvimbezelweni ngamazwe anothile ngezinhloso zokwenza izimali nokuhweba. Ngenxa yokuthi izimiso eziphethe umthetho wamazwe ngamazwe sezishabalalisiwe, leli hawu ebelivikela izizwe alisekho. Njengamanje nje sekunesidingo esiphuthumayo sokuthi kube nezimiso zomthetho obusa amazwe ngamazwe ozovikela amazwe amaningi nabantu bawo kanyue nokuqinisekisa ukuthula emhlabeni wonke.

4. Isidingo esiphuthumayo sokuvimba impi yomhlaba. Sekuke kwenzeka kwaze kwakabili ngaphambilini ukuthi isintu sakhe amaphalamende omhlaba. Ngo-1919 ngemuva kwempi yomhlaba yokuqala, kwasungulwa i-League of Nations ukuvimba enye iMpi yoMhlaba. Ukwehluleka kwayo ukumisa ukudlondlobala kweNazi Germany kwendlalela enye impi yomhlaba. Kwathi ngo 1945 kwasungulwa i-United Nations ukubhekana nezimo ezazisukela eMpini yeSibili yomhlaba. Emuva kwamashumiminyaka ayisithupha le nhlangano nayo seyehlulekile ngoba ingakwazi ukuvimba amazwe angamalungu ayo ukuhlasela amanye amazwe, kwaze kwephulwa ngisho umthetho obusa izizwe ngezizwe wayo iNhlangano yeZizwe. Lokhu kwehluleka kuzovula igebe kwenzeke ezinye izibhicongo emazweni omhlaba okungaze kuholele engozini yeMpi yesiThathu yoMhlaba, okuyimpi engaliwa ngezikhali eziyingozi ezishabalalisayo. I-Alliance of Nations iyoba ngumbuso wokuqala osungulwe kuhleliwe ngaphambili, hhayi ngemuva kokuvela kwempi yomhlaba, ngenhloso yesintu sonke ukuvimba ukushabalaliswa kwaso nokuqinisekisa ikusasa laso.

Uma i-Alliance of Nations ingasungulwa ngokushesha futhi ixhaswe ngamazwe amaningi, ukuphepha emhlabeni wonke nakho kuyosunguleka ngokushesha bese kuthi nathi nabantwana bethu sikwazi ukuphila emhlabeni onempilo, ukuthula kanye nobulungiswa emphakathini .

Izinhloso nezinkolelo

I -Alliance of Nations isungulwe njengombuso womhlaba wonke wabantu ozobuswa ngabantu. Izinhloso nezinkolelo zayo ngumbuso womhlabuhlangene obhekela izidingo zabantu bomhlaba wonke

1. Okuqonde ukwenziwa. I-Alliance of Nations iqonde ukuqhubekeza nokuqinisekisa ukuthula emhlabeni, ukuphila nobulungiswa emphakathini njengoba kuchaziwe kumthethosisekelo.

2. Amalungelo Alinganayo kubantu bonke. Inhloso ye-Alliance of Nations ngukuqinisekisa ukuthula kubo bonke abahlali emhlabeni wethu nokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uthola amalungelo ngokufana kwezempilo, isithunzi, ukuphila ngempumelelo nokukwazi ukuhlomula ezintweni ezingamagugu emhlabheni wethu.

3. Amalungelo alinganayo kuwo wonke amazwe. Izwe elilodwa ivoti elilodwa. Amazwe onke anothile nahluphekayo ayalingana ngaphansi kwe-Alliance of Nations futhi wonke anevoti ngalinye. Izinqumo ezenziwe yi-Alliance of Nations ziyisibopho kumazwe angamalungu. Inqubo yokuthi iZwe elilodwa iVoti elilodwa embusweni womhlaba, yisinyathelo esibalulekile ukuqinisekisa ukuthula emhlabeni kuzo zonke izizukulwane ezizayo.

4. Abantu phambili inzuzo kamuva. I-Alliance of Nations ihlela futhi iqhuba izinqubo zayo ngokubhekela abantu hhayi izinkampani zokuhweba. Ukuvikela amalungelo abo okuyiwo ayisisekelo, abantu bamazwe omhlaba banelungelo lokufuna inhlolovo yomhlabuhlangene ezintweni ezibalulekile njengezempilo, okuyizo eziyisibopho ephalamende yomhlaba.

5. Imbuyiselo yokuthula nempumelelo. Ukuba yilungu le-Alliance of Nations kuzoba wusizo kumuntu nomuntu nakuwo wonke amazwe emhlabeni ngoba lesi sivumelwano sokusebenzisana somhlabuhlangene sibhekelela izidingo eziyisisekelo sangempela kubo. Okuyisona sidingongqangi sabantu emhlabeni ukuthula nokuphepha komhlaba wonke okuzovezwa yi-Alliance of Nations.

6. Ukuvala igebe phakathi kwamazwe antulayo nanothile. Ngokusebenzisa inqubekelaphambili kwezesayensi nobuchwepheshe kuzoncipha ukuthi amazwe anganothile ethembele osizweni lwalawo anothile kuthi ngokuhamba kwesikhathi kugcine kuphelile. Imikhakha emibili-ke ezempilo nezamandla – lokhu kuyothuthukiswa kanyekanye futhi kube yisona sinyathelo esiphambili ngoba le mikhakha yomibili beyilokhu isetshenziswa njalo esikhathini esingaphambilini ukuze kube namazwe ancela kwamanye, kanye nokushayelela izikhonkwane ukungalingani kwamazwe omhlabuhlangene.

7. Impilo kawonkewonke - Ngokushabalaliswa kwezifo ezidlangile. Ucwaningo lwesayensi luveza ukuthi ukungabikho kwezakhamzimba ezanele yikho okubangela izifo eziningi ezikhona namuhla ezinjengesifo senhliziyo. Izilwane azibi nesifo senhliziyo zona ngoba imizimba yazo izikhiqizela ngokwayo uVitamin C okhuthaza ukukhiqizwa kwekholajini wenze nokuthi imithambo yegazi isimame. Ngendlela efanayo-ke ukungabi khona kwezakhamzimba (micronutrients) yiyona mbangela enkulu yokuthi umzimba ungakwazi ukumelana nezifo ezithelelanayo kanye nengculazi.

Ukushabalaliswa kwezifo zenhliziyo, umdlavuza nesifo sokudleka kwamathambo ngenxa yokukhula, kanye nokuvinjwa kokwanda kwezifo ezilubhubhane njengesifo sofuba nengculazi kuncike kakhulu ekusabalalisweni kolwazi oluyisisekelo sezempilo. Ngokuphakamisa iWorld Health Alphabetization, i-Alliance izoqeda ukungaqondi imibhalo yezempilo. Lokho kuyonciphisa izifo ezanda ngenxa yokungazi ezigcwele namuhla, bese kusinda izigidigidi zezimpilo nezigidi ngezigidi zezimali zokwelapha.

8. Ukuqeda ukutshalwa kwezimali ngokuhwebangezifo(“Business with disease”). Ukuhweba ngezifo, okungukuqhubezela phambili nokukhuthazwa kwezifo ngenhloso yokwenza imali yokubhizinisa kwezinkampani, akukho emthethweni ku-Alliance of Nations. Ukugodlwa kwamalungelo okudayisa imithi yokwelapha abantu, kanye nempilo yabantu nezithombo kuzopheliswa ngoba yikho okuyisisekelo sokwenza umnotho kubakhiqizi bemithi abenza imali ngezifo.

9. Amandla kuwonkewonke. Kwenziwa izindlela ezintsha zokwakha amandla ezingakwazi ukuhlinzeka amandla mahhala kubo bonke abantu bomhlaba wethu. Ngaphandle kwamandla enziwa ngemisebe yelanga, ukusetshenziswa kwamandla amanzi nakho sekuphuculwe ngezindlela zesayensi. Ukukhiqizwa kwezinqwaba zalawa mandla kanye nokuhlinzekwa kwawo kubantu bomhlaba wonke mahhala, kunciphisa ukuthi amanye amazwe ethembele kulawo ahweba ngophethroli namakhemikhali.

10. Uhlelo oluqoqa konke loMthetho obusa amazwe ngamazwe. Umthetho obusa amazwe onke we-Alliance of Nations wakhelwe ezimfundisweni zesithunzi sesintu namalungelo alinganayo kubo bonke abantu bomhlaba nokulangazelela ukuthula, ukuphepha nobulungiswa kuwo wonke amazwe amakhulu namancane. Lo mthetho wamazwe ngamazwe we-Alliance of Nations uyisibopho kuwo wonke amazwe angamalungu futhi izijeziso zibekiwe eziyosetshenziswa uma kunokwephulwa komthetho. Izwe eliyokwephula umthetho lihlasele amanye liyojeziswa ngokuthi likhishwe inyumbazana.

11. Ukuxazululwa kwemibango ngendlela enokuthula. Amazwe angamalungu e-Alliance of Nations azibophezela ukuthi yonke imibango evelayo phakathi kwawo ixazululwe ngezindlela zokuthula.

12. Uhlelo lokuphepha lwamazwe ngamazwe. Ukuvikela amalungu ayo ekusatshisweni, ukuhlaselwa noma ukudlelwa izwe ngamazwe angesiwo amalungu i-Alliance izoba nohlelo lokuzivikela oluzogcinwa, kube khona namabutho agcina ukuthula anele, ukubhekana nesimo sengozi engavela.

13. Kuqondwe ekuphelisweni kwezikhali. Ukugcinwa kwamabutho okuvikela nokuziphephisa e-Alliance yisinyathelo esidingekile kulo mhlaba osabuswa yizikhondlakhondla kwezomnotho kanye namabutho ezempi. Yize kunjalo futhi amalungu e-Alliance of Nations azibophezela ekutheni kugcine sekuphelisiwe ukusetshenziswa kwezikhali ezishabalalisayo nokuthi kugcine kungasekho ukuhlomelana emhlabeni wonke.

14. Isizinda se-Alliance of Nations. Ukuze kube khona ukuthula njalo emhlabeni wethu kufuneka kuphele ukungalingani phakathi kwamazwe anothile nanganothile. Ukuze lokhu kusheshe kwenzeke, isizinda sokuqala se-Alliance of Nations sikhethwe ukuthi sibe yizwe elimele amazwe asathuthuka elinomlando wokukhululeka ebugqilini bobukoloniyali.

Matthias Rath, M.D.
June 29, 2004

Sitemap

Dr Matthias Rath is the physician and scientist who led the breakthrough discoveries in the natural control of cancer, cardiovascular disease and other chronic health conditions.
>> More...

A complete overview of Dr. Rath's campaign including full background information on all the issues.
>> More...

Up to date news and comment about worldwide developments

>> Natural Health Alternatives
>> Business with Disease
>> U.N.-Related Issues
>> Other News
>> African Union News


Click here for more information about the Foundation.

Click here to send us an email.

 Printer-friendly page

Send page to a friend Send page to a friend

Bookmark this page Bookmark this page
RSS

 © 2008 Dr. Rath Health Foundation Send page to a friend contact Printer-friendly page Help Previous document Top of the page Function not available in this page Back to Homepage